Search This Blog

Monday, 12 April 2010

UFUNANI E-SHAMMAH?



Namhlanje kulengosi eyintandokazi yakho sikuphathele intokazi yase-Eastern Cape, ekhonza kwelinye lamabandla azinze khona e-Cape, lowo-ke nguRuth Nongogo. Abaningi abamazi kulendima yomculo, kodwa iCorner namhlanje likuphathele yena osephenduke intandokazi kwabaningi. USimphiwe Sithole uthole ithuna lokuxoxisana naye uRuth ngesikhathi evakashele eShammah eJozini.
Simphiwe Sithole: Molo sisi ndivile uk’bana uliqhamukisa e-Eastern Cape, ubekwa yini apha KwaZulu.
Ruth Nongogo: Kahle kahle but’ wami ngilapha KwaZulu ngenxa ye album yami, okuy’yona yokuqala ngqa, ngibhizi ngenza ama-promotions ayo. Lapha ngifike ngesizathu sokuzoba ne-interview emsakazweni iMaputoland Radio ekhona la eJozini.
SS: Tshela mina uqale nini ukucula, ngeyesingaki le-album makungukuthi akusiyo eyokuqala?RN: Ngiqale ukucula kuwo lonyaka futhi yi-album yami yokuqala nqga lena.
SS: Ungaphawula uthini ngalokhu ukuthi ‘abantu abaningi abasafuni ukusebenza kunalokho bancamela ukucula ukuze baxoshe ikathi eziko.’RN: Ngikhume iqiniso bhut’wami, mina ukucula akuyona into ebeyiphupho kimi, kodwa ngifezekisa isphrofetho esaqhamuka ngeceku kaNkulunkulu uMfundisi Z.A Nntiwane ongumbhishobhi wePower of Cross lapho ngikhonza khona. Kuliqiniso ukuthi abantu sebethi babiziwe endimeni yomculo kube kungenjalo. Mina bengisebenza ebandleni kukho konke okuthinta ibandla kusukela nkonyaka ka2000. Wabe-ke sekuvela nasi isphrofetho esisifezeka manje kule album yami eyenziwe nguMnu.Sizwe Zako.
SS: Uku waphatha igama likaSizwe Zakho wodumo lokuprojusela uRebeka neNcandweni Christ Ambassodors, sitshele uhlangane kanjani naye?
RN: Iyo! Yazi konke kube yisimangaliso, ngingsho ngithi angikaze ngiye kuyena uSizwe Zako, kodwa uNkulunkulu wathi ngesiprofetho ‘umuntu ozkwenza i-album yami uzoza kimi, ngeke ngiye ukumcinga ngokwenza am-demo. Kwabe sekwenzeka uZako wathintwa uNkulunkulu wathi makeze ebandleni lami, nokho kwakungokokuqala efika, wangifica ngihlabelela. Wasukuma watshela ibandla ukuthi “ uthintwe uNkulunkulu ngoba ela ebandleni, akaze afike kulo kodwa ukezwe ngalo” waphinde wathi”besekungunyaka wakhe wokugcina eprojusa, kodwa ubefuna umuntu azomrekhoda ohlukile nongezukulingisa abanye, wabe uNkulunkulu esemkhombisa Mina”
SS: Sis’wami useShammah namhlanje, uzokwenzani?RN: Empeleni ngila ngenxa kasisi uNeli Mhlanga osebenza eMaputoland Radio bengize mayelana ne-interview engizoba nayo kusas emsakazweni nguyena ongixhumanisile ngize ngifike la eShammah ngemukele nesibusiso
SS: Sibongile sis’wami sikufisela inhlanhla kukho konke.
RN: Nami ngokunjalo ngithandaza uThixo ukuba abe nani kuwo wonke umsebenzi eniwenza ebandleni, amen.

No comments: